COVID-19 Updates
Mayor's Blog
RESIDENTS
Accounts & Payments
Applications, Licenses & Permits
Cleansing & Solid Waste Services
City Integrity and Investigations
Community Health Services
Community Services
Development Planning, Environment and Management
Electricity Services
Community Participation
Environmental Planning & Climate Protection
Engineering Services
Human Settlements
Public Safety & Emergency Services
Transportation Services
Valuation Roll
Sizakala Customer Services
Water & Sanitation
BUSINESS
Durban ICC
eThekwini Municipality GIS
Economic Development
Durban Fresh Produce Market
Catalytic Projects
SMME Development
Supply Chain Management (SCM)
VISITORS
Beaches Status
Durban Tourism
Green Corridor
Moses Mabhida Stadium
Durban ICC
Parks, Recreation & Culture
uShaka Marine
reSURGEnce Conference
reSURGEnce Exhibitor Registration Form
JOBS
GOVERNMENT
About eThekwini
Administrative/Clusters
By-Laws
Performance Monitoring & Evaluation
Council
Documents
Press Statements
Sustainable Development Goals
Publications
Public Access to information
Draft Budget 2024/2025 (MTREF)
IDP 2023/24 to 2027/28
Tariffs Book 2024 / 2025
Budget 2023 / 2024
Final TARIFF TABLES 2024-2025
Speeches
REPORT A PROBLEM
BEACH STATUS
Beach Status
ITheku selimi ngomumo ukwamukela izivakashi
Date: 2022-11-25 12:37:53
ITheku selimi ngomumo ukwamukela izivakashi
UMASIPALA weTheku usumi ngomumo ukwamukela izinkumbi zezivakashi ngalawa maholidi kaKhisimusi. IKomidi Elilawula Izinhlelo Zamaholidi leTheku (FESMAC) limatasatasa nokuqinisekisa ukuthi iDolobha limi ngomumo ukwamukela izivakashi ezilinganiselwa ku-312 000 ezilindelekile.
Iqhaza laleli komidi wukuqinisekisa ukuthi amaholidi kaKhisimusi aba ngaphephile, ukuthi iDolobha lihlanzekile futhi lamukela ngemfudumalo izivakashi, ukuthi kulawulwa kahle ukuhamba kwezimoto emgwaqweni, ukuziphatha komphakathi nokusebenzisana nezinhlaka zomthetho. Njengoba kuqhubeka ukulungiswa kwamapayipi endle nengqalasizinda yamapayipi, iDolobha linethemba lokuthi kuzovulwa namanye amabhishi ukuze wonke umuntu athokozele amaholidi.
Umsebenzi usuya ngasemaphethelweni esikhungweni sendle sasoHlange okuyisona esichaphazele kakhulu amabhishi asenyakatho yeDolobha. Uyaqhubeka futhi umsebenzi kwisiphehli samanzi saseNyakatho okungesinye sezakhiwo ezichaphazele kakhulu amabhishi amaphakathi neDolobha. Osonkontileka bamatasatasa nokulungisa enye ingqalasizinda yokuthuthwa kwendle ezingxenyeni ezahlukene zeDolobha. Vakashela ku-www.durban.gov.za ukuthola ulwazi ngokuhlanzeka kwamanzi namabhishi. lolu lwazi lutholakala kalula engosini yezivakashi. Sekuqalile
nokuqashwa kwabasebenzi abayitoho abazokwelekelela abaqashwe ngokugcwele.
Kuzokwengezwa abahlengi basolwandle abawu-160, abashanela umgwaqo abawu-135, abemishini emincane abawu-20, ababheke umphakathi emabhishi (Beach Buddies) abawu-67, nababheki bezingane abawu-48 abazobheka izingane ezidukelene nabazali bazo, abazoqapha amaphuli abawu-85 nokheshiya basemaphuli abane.
Kuzoqashwa abanye abasebenzi abasiza ngemisebenzi ejwayelekile abayitoho abawu-20. Kuqashwe namaphoyisa
akwaMetro Police amasha awu-200.