COVID-19 Updates
Mayor's Blog
RESIDENTS
Accounts & Payments
Applications, Licenses & Permits
Cleansing & Solid Waste Services
City Integrity and Investigations
Community Health Services
Community Services
Development Planning, Environment and Management
Electricity Services
Community Participation
Environmental Planning & Climate Protection
Engineering Services
Human Settlements
Public Safety & Emergency Services
Transportation Services
Valuation Roll
Sizakala Customer Services
Water & Sanitation
BUSINESS
Durban ICC
eThekwini Municipality GIS
Economic Development
Durban Fresh Produce Market
SMME Development
Supply Chain Management (SCM)
VISITORS
Beaches Status
Durban Tourism
Green Corridor
Moses Mabhida Stadium
Durban ICC
Parks, Recreation & Culture
uShaka Marine
reSURGEnce Conference
reSURGEnce Exhibitor Registration Form
JOBS
GOVERNMENT
About eThekwini
Administrative/Clusters
By-Laws
Performance Monitoring & Evaluation
Council
Documents
Press Statements
Catalytic Projects
Sustainable Development Goals
Publications
Public Access to information
Draft Budget 2024/2025 (MTREF)
IDP 2023/24 to 2027/28
Tariffs Book 2024 / 2025
Budget 2023 / 2024
Final TARIFF TABLES 2024-2025
Speeches
REPORT A PROBLEM
BEACH STATUS
Beach Status
Injabulo kubanikazi bezindlu abasha bakuwadi 85
Date: 2023-03-28 11:11:10
Injabulo kubanikazi bezindlu abasha bakuwadi 85
IKhansela lakuwadi 85 uSiphelele Nene libe yingxenye yohlelo lwezindlu iR293 Housing Project kusukela ekuqaleni kohlelo. Likujabulele ukunikezela kubanikazi izindlu zesigaba sokuqala esesiphothuliwe.
SESIPHOTHULIWE isigaba sokuqala sohlelo lwezindlu iR293 Housing Project kuwadi 85 kanti abanikazi bezindlu abasha bazongena ezindlini zabo maduze. IKhansela lakuwadi 85 uSiphelele Nene lithe isigaba sesibili sesiqalile. Uthe miningi imindeni ehlomule kulolu hlelo lwezindlu. Uthe uhlelo lugcine luphumelele phezu kokubambezeleka ngenxa yezikhukhula zangonyaka owedlule.
Izindlu eziyisikhombisa eziyingxenye yesigaba sokuqala seziphothuliwe kanti eziyisithupha eziyingxenye yezindlu eziwu-30 ezizokwakhiwa kulolu hlelo seziqaliwe. “Lolu hlelo lusebenza ngokubheka izidingo zendlu ngayinye. Ezinye izindlu zidinga ukulungiswa kuphela kanti ezinye zidinga ukubhidlizwa zakhiwe kabusha. Uhlelo lweR293 lusezigcemeni eziningi
kusuka kwaN eMlazi kuya kwaP noZ,” kusho iKhansela uNene.
Njengengxenye yesu lakule wadi lokuphuthumisa ukuhanjiswa kwezidingo, iKhansela uNene lithe lizoxoxisana nophiko olukhuthaza ukubamba iqhaza ezinhlelweni zomphakathi, iCommunity Participation and Action Support Unit (CPASU) mayelana nokusingatha uhlelo iMasakhane Outreach Programme ukusiza umphakathi nabasebenzi beDolobha babhekane nezinselelo zokuhanjiswa kwezidingo kule wadi. “Njengabaholi bewadi, siphakamise ukuba kuqalwe uhlelo lokulungisa umgwaqo uPhambili Road nokufakwa kwezindonga ezivimbela ukuguguleka komhlabathi ezindaweni zokuhlala ezithintekayo,” uphethe kanje.