COVID-19 Updates
Mayor's Blog
RESIDENTS
Accounts & Payments
Applications, Licenses & Permits
Cleansing & Solid Waste Services
City Integrity and Investigations
Community Health Services
Community Services
Development Planning, Environment and Management
Electricity Services
Community Participation
Environmental Planning & Climate Protection
Engineering Services
Human Settlements
Public Safety & Emergency Services
Transportation Services
Valuation Roll
Sizakala Customer Services
Water & Sanitation
BUSINESS
Durban ICC
eThekwini Municipality GIS
Economic Development
Durban Fresh Produce Market
Catalytic Projects
SMME Development
Supply Chain Management (SCM)
VISITORS
Beaches Status
Durban Tourism
Green Corridor
Moses Mabhida Stadium
Durban ICC
Parks, Recreation & Culture
uShaka Marine
reSURGEnce Conference
reSURGEnce Exhibitor Registration Form
JOBS
GOVERNMENT
About eThekwini
Administrative/Clusters
By-Laws
Performance Monitoring & Evaluation
Council
Documents
Press Statements
Sustainable Development Goals
Publications
Public Access to information
Draft Budget 2024/2025 (MTREF)
IDP 2023/24 to 2027/28
Tariffs Book 2024 / 2025
Budget 2023 / 2024
Final TARIFF TABLES 2024-2025
Speeches
REPORT A PROBLEM
BEACH STATUS
Beach Status
Kuboshwe abebebalekela ukukhokhela uphethiloli
Date: 2023-03-28 11:13:53
Kuboshwe abebebalekela ukukhokhela uphethiloli
Imoto yohlobo lweDatsun Go abasolwa abebehamba ngayo ngesikhathi bezama ukubalekela ukukhokha uphethiloli.
AMAPHOYISA kaMasipala naweSouth African Police Service abophe umsolwa wesilisa nababili abehamba nabo ngemuva kokuthi begcwalise uphethiloli emotweni yabo base bezama ukubaleka bengakhokhile. Laba basolwa abathathu, okusolakala ukuthi bangabaseWentworth, baboshwe ngemuva kokujahwa ngamaphoyisa kaMasipala.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala uNsumpa Omkhulu uBoysie Zungu uthe amaphoyisa abophe abasolwa abebehamba
ngemoto yohlobo lweDatsun Go ebhaliswe kwenye yezinkampani yezimoto ezithutha umphakathi abagibeli abazibiza nge-app. “Lezi zinhlelo zokusebenza zenzelwe ukusiza abagibeli ukuthi bafinyelele kalula lapho beya khona kodwa izigebengu kwesinye isikhathi zizisebenzisa ukwenza ubugebengu obuhlanganisa nokugebenga abantu,” usho kanje.
UZungu ugqugquzele abagibeli abasebenzisa lezi zinhlelo ukuthi baqinisekise imininingwane yomshayeli futhi bazise othile ngemininingwane yohambo ukuze baqinisekise ukuphepha kwabo.