COVID-19 Updates
Mayor's Blog
RESIDENTS
Accounts & Payments
Applications, Licenses & Permits
Cleansing & Solid Waste Services
City Integrity and Investigations
Community Health Services
Community Services
Development Planning, Environment and Management
Electricity Services
Community Participation
Environmental Planning & Climate Protection
Engineering Services
Human Settlements
Public Safety & Emergency Services
Transportation Services
Valuation Roll
Sizakala Customer Services
Water & Sanitation
BUSINESS
Durban ICC
eThekwini Municipality GIS
Economic Development
Durban Fresh Produce Market
Catalytic Projects
SMME Development
Supply Chain Management (SCM)
VISITORS
Beaches Status
Durban Tourism
Green Corridor
Moses Mabhida Stadium
Durban ICC
Parks, Recreation & Culture
uShaka Marine
reSURGEnce Conference
reSURGEnce Exhibitor Registration Form
JOBS
GOVERNMENT
About eThekwini
Administrative/Clusters
By-Laws
Performance Monitoring & Evaluation
Council
Documents
Press Statements
Sustainable Development Goals
Publications
Public Access to information
Draft Budget 2024/2025 (MTREF)
IDP 2023/24 to 2027/28
Tariffs Book 2024 / 2025
Budget 2023 / 2024
Final TARIFF TABLES 2024-2025
Speeches
REPORT A PROBLEM
BEACH STATUS
Beach Status
Kukhuthazwa abahlali ukuba bagcine imiphakathi yabo ihlanzekile
Date: 2023-03-28 11:07:35
Kukhuthazwa abahlali ukuba bagcine imiphakathi yabo ihlanzekile
Abasebenzi bakaMasipala basebenze kanzima belayisha udoti elolini lemfucuza emkhankasweni we-Operation Good Hope enkabeni yeDolobha.
IZINHLELO zokukhuculula ziyaqhubeka ezindaweni ezahlukene njengengxenye yokuhanjiswa kwezidingo. Lokhu kuza ngemuva kokuthi iMeya yeTheku iKhansela uMxolisi Kaunda ihlangane nabasebenzi bakaMasipala basezifundeni ezahlukene ngenhloso yokuqinisa umsebenzi okumele wenziwe ukuze kuphuthunyiswe ukuhanjiswa kwezidingo kubantu. “Sizimisele ngokubhekana nezinselelo zokuhanjiswa kwezidingo nokuhlanza imiphakathi yaseThekwini.
Imikhankaso yokuhlanza eqhubeka ezindaweni ezahlukene iyisinyathelo esisithathile ukuze sibhekane nokungcola nezinye
izinselelo emiphakathini,” kusho iMeya uKaunda. Phakathi kwezinhlelo zokuhlanza zeDolobha wuhlelo lwe-Operation Good Hope (OGH) lapho khona kuhlangana iminyango eyahlukene ukuze ibambisane ekuhambiseni izidingo emiphakathini. Ezinye zezinkinga okubhekanwe nazo wukuqoqwa kukadoti, ukunakekelwa kwengqalasizinda yemigwaqo,
ukulungisa amapayipi amanzi aqhumile, ukwakhiwa kwezindlu, ukuqinisekisa ukugcinwa komthetho kaMasipala, ukuhlolwa kokudla, ukugunda utshani, ukunqunywa kwezihlahla nokunye. Kunxuswa abahlali ukuba nabo babambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi izindawo zabo zigcinwa zihlanzekile. Lokhu kuzosiza ekunqandeni amagundane, omiyane nezinyoka. Ukuqeda izindawo okulahlwa kuzona ngokungemthetho nokukhipha udoti ngosuku olufanele lokuqoqwa ukadoti kuzosiza ekugcineni imiphakathi ihlanzekile. Umkhankaso we-OGH uzovakashela emawadini 11, 26 no-84 maduze.