COVID-19 Updates
Mayor's Blog
RESIDENTS
Accounts & Payments
Applications, Licenses & Permits
Cleansing & Solid Waste Services
City Integrity and Investigations
Community Health Services
Community Services
Development Planning, Environment and Management
Electricity Services
Community Participation
Environmental Planning & Climate Protection
Engineering Services
Human Settlements
Public Safety & Emergency Services
Transportation Services
Valuation Roll
Sizakala Customer Services
Water & Sanitation
BUSINESS
Durban ICC
eThekwini Municipality GIS
Economic Development
Durban Fresh Produce Market
Catalytic Projects
SMME Development
Supply Chain Management (SCM)
VISITORS
Beaches Status
Durban Tourism
Green Corridor
Moses Mabhida Stadium
Durban ICC
Parks, Recreation & Culture
uShaka Marine
reSURGEnce Conference
reSURGEnce Exhibitor Registration Form
JOBS
GOVERNMENT
About eThekwini
Administrative/Clusters
By-Laws
Performance Monitoring & Evaluation
Council
Documents
Press Statements
Sustainable Development Goals
Publications
Public Access to information
Draft Budget 2024/2025 (MTREF)
IDP 2023/24 to 2027/28
Tariffs Book 2024 / 2025
Budget 2023 / 2024
Final TARIFF TABLES 2024-2025
Speeches
REPORT A PROBLEM
BEACH STATUS
Beach Status
Kuzokwengezwa ogandaganda ukuqinisekisa ukuhanjiswa kwezidingo
Date: 2023-07-11 11:56:53
Kuzokwengezwa ogandaganda ukuqinisekisa ukuhanjiswa kwezidingo
IDolobha selibeke uR63 million wokuthenga ogandaganda namaloli.
UMASIPALA ubeke eceleni isabelomali sikaR63 million ukuze kuthengwe ogandaganda, amaloli, amaveni nezinye izinsiza zokusebenza ukubhekana nezinselelo zokusika utshani nokunakekelwa kwemigwaqo. Lokhu kubandakanya ukuthengwa kogandaganda abawu-28, amaloli awu-20, namaveni awu-53.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wesiGungu seKomidi eliPhezulu wakamuva futhi kuhloswe ngaso ukubhekana nezinselelo zokusika utshani ezibhekene neTheku. IPhini leMenenja yeDolobha kwezeZidingo zoMphakathi neZimo eziPhuthumayo, uDkt Musa Gumede, lithe: “Siyajabula ukuthi lolu daba lusukunyelwe. Kuyajabulisa ukuthi sekunenqubekelaphambili nokuthi izinhlelo zokuthengwa kwalezi zinsiza ezibalulekile seziyaphothulwa,” lisho kanje.
UGumede uthe ukuhlinzeka imiphakathi ngezidingongqangi kuseseqhulwini kuMasipala. “Ukungatholakali kwalezi zinsiza kuba nomthelela omubi eThekwini nakwizakhamizi zeTheku. Sidinga le mishini ebalulekile ukuze siqinisekise ukuthi uhlelo lokusika utshani nokunakekelwa kwemigwaqo kuyaqhubeka,” kusho uGumede. UMasipala uhlangabezane nezingqinamba ngesikhathi kumele uthole ezinye izimoto ezinkulu nogandaganda ngenxa yezinkinga zesabelomali.
Ukuthengwa kwalezi zinsiza kuzothuthukisa ukusebenza koPhiko lwezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko. Lezi zinsiza zizosatshalaliswa kuMasipala wonke ukuze kuthuthukiswe ukunakekelwa kwamathuna, amapaki, izindawo zokubhukuda, izinkundla zemidlalo, nezinye izindawo. Phezu kwalezi zinselelo, uhlelo lokusika utshani lusaqhubeka ezindaweni eziningi zeTheku.